Uyandlula Ngokushesha

Uyandlula ngokushesha
Konje ubange phi na?
Uyayaz'indlela lena
Ozahamba ngayo na?

Uyandlula (Uyandlula)
Uyandlula (Uyandlula)
Uya eZulwini na?

Uyandlula (Uyandlula)
Uyandlula (Uyandlula)
Uya eZulwini na?

Uyandlula ngokushesha
Lingemisw'ilanga qha
Liyaphuma liyashona
Awuyi kushona na?

Uyandlula (Uyandlula)
Uyandlula (Uyandlula)
Awunakuhlala la

Uyandlula (Uyandlula)
Uyandlula (Uyandlula)
Awunakuhlala la

Uyandlula ngokushesha
Uyendlulela phi na?
EZulwini ungengene
Ungaphendukanga qha

Uyandlula (Uyandlula)
Uyandlula (Uyandlula)
Awunakuhlala la

Uyandlula (Uyandlula)
Uyandlula (Uyandlula)
Awunakuhlala la

Uyandlula ngokushesha
Kusondel'ukufa ha
Akumang'ungenathuna
Uyophepha wena na

Uyandlula (Uyandlula)
Uyandlula (Uyandlula)
Akukheth'ukufa qha

Uyandlula (Uyandlula)
Uyandlula (Uyandlula)
Akukheth'ukufa qha

Uyandlula ngokushesha
Uyekel'izono na
Namhla yisikhath'esihle
Ungesinde laphaya

Uyandlula (Uyandlula)
Uyandlula (Uyandlula)
Ungesinde laphaya

Canzoni più popolari di Derrick Ndzimande

Altri artisti di Gospel