Nkosi Ngiyabheka Kuwe
Nkosi ngiyabheka Kuwe
Ngikunik'impilo yami
Mangiphathwe njalo Nguwe
Uyikhomb'indlela yami
Makuphele konk'okwami
Ngikufune wena nje
Hlala enhliziyweni yami
Ngize ngikubone le
Hallelujah yebo Nkosi ngize Kuwe
Ngidalule Baba (Ngidalule konk'okwami)
Mangizwiswe nguwe Jesu
Oh hallelujah (Zisuliw'izono zami)
Usathane ungivukele
Kuyaliwa emoyeni
Ngenze Nkosi ngibe ngcwele
Kube mhlophe enhliziyweni
Hlanza izizindlo zami
Nokufisa konke ke
Kube ukufisa kwami
Ukumfuz'uJesu he
Hallelujah yebo Nkosi ngize Kuwe
Ngidalule Baba (Ngidalule konk'okwami)
Mangizwiswe nguwe Jesu
Hallelujah (Zisuliw'izono zami)
Uma Nkosi ungibona
Ngisazulazula la
Uba ngidukisw'ukona
Nqanda umntanakho ke
Nom'unqanda ngenhlupheko
Ngokubonga laphaya
Laph'ukona kungasekho
Yebo ngokubonga ha
Hallelujah yebo Nkosi ngiza Kuwe
Ngidalule Baba (Ngidalule konk'okwami)
Mangizwiswe nguwe Jesu