Ngingufakazi

Ngingumfokazi laph'emhlabeni
Ngifun'izulu ikhaya lam
Nom'inkathazo isendleleni
Ngophumelela njoJesu wam

Useceleni eduze nami
Ebheka konke ukuhamba kwami
Uzongisiza nasekufeni
Angingenise ekhaya lam
Uzongisiza nasekufeni
Angingenise ekhaya lam

Noma ngigqok'amanikiniki
Ikhon'ingubo emhlophe qhwa
Icolekile ngizoyembatha
Mhla ngiqedile ibanga la

Nxa nginosizi nezinkathazo
Ngihlekw'usulu ngidelwa nje
Kolunga konke nxa ngingenile
Ekhaya lami elihle hle
Kolunga konke nxa ngingenile
Ekhaya lami elihle hle

Noma ngithwele isiphambano
Sinzima sona,ngisindwa la
Ngizowuthola umqhele lapho
Owokuphila Halleluyah

Ngihlale naye uMfeli wam
Ngimbone yena ongithandayo
Ngihube khona igam'elisha

Curiosità sulla canzone Ngingufakazi di Derrick Ndzimande

Quando è stata rilasciata la canzone “Ngingufakazi” di Derrick Ndzimande?
La canzone Ngingufakazi è stata rilasciata nel 2009, nell’album “Nangu UJesu”.

Canzoni più popolari di Derrick Ndzimande

Altri artisti di Gospel