Izinsuku Zovuyo
Insuku (Insuku zovuyo azisekh'emhlabeni)
Abantu boxolo baphelil'emhlabeni
Indlala nosizi baphel'abantu
Sikhulule Nkosi yoxolo
Awu, aw, aw, aw, aw
Awu wophepha kanjani na?
Uma ugxek'usindiso
Awu, awu, awu, awu
Ngeny'imini wosikhumbula
Wozani (Wozani bakwethu)
Thina siqondisaneni
Nom'izono zethu zibomv'okwegazi
Wozenza mhlophe, mhlophe, mhlophe qhwa
Usho uJehovah wamabandla
Awu, aw, aw, aw, aw
Awu wophepha kanjani na?
Uma ugxek'usindiso
Awu, awu, awu, awu
Ngeny'imini wosikhumbula
Olizwayo (Olizway'ilizwi leNdodana Yakhe)
Udlul'ekufeni obungunaphakade
Ungen'ekuphileni okungunaphakade
Um'ekholw'iNdodana Yakhe
Awu, aw, aw, aw, aw
Awu wophepha kanjani na?
Uma ugxek'usindiso
Awu, awu, awu, awu
Ngeny'imini wosikhumbula