Imali Yezibizo

Ngitsheleni
Ngitsheleni madoda siyoganwa kanjani na
Hheyi madoda kulukhuni kunzima kulomhlaba

Ngitsheleni
Ngitsheleni madoda siyoganwa kanjani na
Hheyi madoda kulukhuni kunzima kulomhlaba

Babhokile abasekhweni
Babhokile abakhwekazi
Ngisho ngemali yezibizo madoda

Babhokile abasekhweni
Babhokile abakhwekazi
Ngisho ngemali yezibizo zinsizwa

Imali yezibizo ingaphezu kwelobolo
Hawu badlala ngathi abakhwekazi
Imali yezibizo ingaphezu kwelobolo
Hawu badlala ngathi abakhwekazi
Bayadlala abasemzini

Imali yezibizo ingaphezu kwelobolo
Hawu badlala ngathi abakhwekazi
Angisakutholi kahle

Ngitsheleni
Ngitsheleni madoda siyoganwa kanjani na
Hheyi madoda kulukhuni kunzima kulomhlaba

Ngitsheleni
Ngitsheleni madoda siyoganwa kanjani na
Hheyi madoda kulukhuni kunzima kulomhlaba

Mina sengisebenz'izinkomo zigcwel'umuzi
Manje sengimiswe izibizo zasemzini
Ziyokushaya kuyoshona
Hawu ziyokushaya kuyoshona

Mina sengisebenz'izinkomo zigcwel'umuzi
Manje sengimiswe izibizo zasemzini
Ziyokushaya kuyoshona
Isisbaya sigcwel'umuzi
Ziyokushaya kuyoshona
Hawu ziyokushaya kuyoshona

Canzoni più popolari di Bhekumuzi Luthuli

Altri artisti di African music