Ngisebenzel'izingane

MALOPE REBECCA, SIZWE ZAKO

Ngisebenzel'ingane zami hayi ngobubi
Ngisebenzel'abantabami hayi ngodlame
Ngabe yini na eniyifuna kimi
Ngoba ngisebenzel'abantabami angiqali muntu

Zonk'izinto enginazo ngizisebenzele kanzima
Ngivuk'ekuseni imihla yonke ngingaphumuli
Manje wen'uyafik'ungithathela ngodlame
Kodwa ngeliny'ilanga uyohlala nalo kunye

Nkosi ngibhekise Kuwe
Kubo bonke ubunzima engikubo
Izinyembezi zami aziweli phansi
Kanti futhi ziyosulwa Nguwe

Nkosi ngibhekise Kuwe
Kubo bonke ubunzima engikubo
Izinyembezi zami aziweli phansi
Kanti futhi ziyosulwa Nguwe

Uthint'isihlahl'esingathintwayo
Ngoba mina ngihamba ngikhuselwe
Siyakucela thina bantwana Bakho
Aphelile amahlathi

Siphila ngokwesaba
Koze kube nini na?
Koze kube nini
Sihlale sithukile

Siphila ngokwesaba
Sihlale sithukile
Koze kube nini
Siphila obu bomi

Nkosi ngibhekise Kuwe
Kubo bonke ubunzima engikubo
Izinyembezi zami aziweli phansi
Kanti futhi ziyosulwa Nguwe

Nkosi ngibhekise Kuwe
Kubo bonke ubunzima engikubo
Izinyembezi zami aziweli phansi
Kanti futhi

Canzoni più popolari di Rebecca Malope

Altri artisti di Middle of the Road (MOR)