Amandla Egazi [Live]

Yilelo gazi elasinqobela lasipha ukuphila
Liyinhlawula yalifa laphakade
Lona liwumthombo wokuphila
Lona liyisisekelo sensindiso yezimpilo zethu

Yilelo gazi elasihlenga ekubhujisweni
Lasisindisa ekufeni
Ngalo lisuliwe icala
Kuphelelisiwe okulotshiwe ezwini lakhe

Amandla egazi negama likaJesu
Asusa ukweswela nenhlupheko
Wena khuluma igazi likaJesu empilweni yakho

Uzophila impilo enothile
Eculisekile nethokomele
Wena khuluma igazi likaJesu empilweni yakho

Yebo (Yebo kuphelele)
Okudingayo empilweni yakho
Wena biza amandla egazi leMvana

Oh yebo (Yebo kukhona konke)
Nokweswelayo empilweni yakho
Wena biza amandla egazi leMvana

Yeah oh yebo kuphelele (Yebo kuphelele)
Konk'okudingayo empilweni yakho
Kuphela biza (Wena biza amandla egazi leMvana)

Oh oh yebo (Yebo)
Kukhona konke (Kukhona konke)
Nokufisayo kukhona namhlanje
Wena biza amandla egazi leMvana

Um'ufun'ukuthula (Wena biza amandla egazi leMvana)
Um'ufun'intokozo (Wena biza amandla egazi leMvana)
Yeb'kukhona konk'okudingayo (Wena biza amandla egazi leMvana)
Awusoze waswela lutho (Wena biza amandla egazi leMvana)
Wena biza amandla egazi leMvana

Canzoni più popolari di Ntokozo Mbambo

Altri artisti di Gospel