Ang'Mazi Umama

SIYABONGA SIDNEY NENE

Uyelele uyelele uyelelele
Ang'mazi umama (Kaze wayaph umama)
Uyelele uyelele
Wangshiy'Umama (Wooh umama)
Lashon ilanga lashon ilanga
Wemhlab'awnoni (Awnoni mhlaba)
Uyelele uyelele
Wemhlab'awnoni (Kodwa awnoni mhlaba)
Lashon ilanga lashon ilanga

Mtanam angqale ngokxolisa ukuthi ukhul'ungena mama
Nami ngizama okusemandleni ukuthi ngibe ubaba
Ngiyazi kwakub'hlungu wohamba engavalelisanga
Kodwa ngithi ungasakhali qina lomhlaba uyahlaba
Ngiyazi bewusfiso sokuthi ungahlala naye
Kodwa cha aksenzekanga into zomhlaba zihambe naye
Aw kwakuhuswidi wami sthandwa sami ngiyfela ngaye
Kodwa wakhetha ukung'shiya kwaphela ukufela ngaye
Usizi nenhlupheko kimi kwaphenduk'mpilo
Omakhelwane bayangihleka ngikhala noma kungenasifo
Ngyakhala kunzima mntanami ikati ilele eziko ngyathemb'uyasazi isisho
Emhlabeni kunzima ngizame konke okusemandleni
Ukuthi uthol'mpilo engcono uzibone usempumeleleweni
Ngangilala ngadlile ukthi ukhone ukuy'eskoleni
Namhlanje ngihleli kwi wheelchair ngizamela wena ematohweni

Ang'mazi umama (Kaze wayaph umama)
Uyelele uyelele
Wangshiy'umama (Wooh umama)
Lashon ilanga lashon ilanga
Wemhlab'awnoni (Awnoni mhlaba)
Uyelele uyelele
Wemhlab'awnoni (Kodwa awnoni mhlaba)
Lashon ilanga lashon ilanga

Mtanami angimsoli kulomhlaba mina anginalutho
Ngazama ukumupha uthando lutho olungasho lutho
Mangnawe ngiziziwe nginotho noma ngazi mina anginalutho
Ngcono ngsale ngenalutho kunokuthi ngabi nalutho
Zibhlungu into zomhlaba ngyazi ngikfundisile mina noma ngak'shiya ksasa
Mntanami yalibona iksasa ngeke ksize ukukhala k'mele uphume ubon'umhlaba
Kuphelile ukwesaba
Dlalile indima yami ngiyibekile indubu ebandla hewu
Wena uzok'bona ukukhanya, uthando, nehlonipho
UNkulunkulu uzokupha inhlanhla
Mtanami ngiyafisa iskhathi singabuyela emuva mina sengiphilela wena
Ukuya ngami ngabe ngakhetha ukufa
Angeke ngilenze iphutha uma wakho kyombutha ukufa
Ngifisa ukuk'tshela amaqiniso kodwa nyasaba uzaduba
Mtanami angilbeke kcace mina unyoko bengamfela
Sengkhathele ukhala njalo, kubhlungu mengaktshela
Nami benginethemba kuthi uzobuya mengamela
Ngan yam unyoko akashonanga kodwa wahamba neblesser

Ang'mazi umama (Kaze wayaph umama)
Uyelele uyelele
Wangshiy'umama (Wooh umama)
Lashon ilanga lashon ilanga
Wemhlab'awnoni (Awnoni mhlaba)
Uyelele uyelele
Wemhlab'awnoni (Kodwa awnoni mhlaba)
Lashon ilanga lashon ilanga

Ngiyaxolisa mntanami bekume ngakutshela k'dala
Kodwa benginokwesaba mangak'tshela udub' ikhaya
Angnaye omunye umuntu ngsele nawe kulomhlaba mina ngizokunika uthando
Nempumelelo uzokubona ukk'khanya
Ungakhali mntanami bekmele ngiktshele amaqiniso
Ngsembhedeni ongasandlulwa nje, ngangizam' ukuniphilisa
Uma wakh' enenkinga yezinso, zazintathu inyanga ek'thele
Uyayazi indlela engangiyiyo ma wakho eses'bhedlela mtanami egula ukufa
Bo ngangithanda kakhulu ngangeke ngikhone ukunilooser
Dokotela bethi angichoose s'khipha ingane umama syamloser
Mayengalala umama baba alasekho ongamvusa
Kwakukodw' okumele ngikwenze ukuze nina niphile
Ng'nikez'izinso zami ko dokotela, bathi angi qine
Aw ngidla amaphilisi ngapha insuk'zam zibaliwe
Ubokhule uphile mntanami yak'thanda ubaba sengiyak'shiya

Ang'mazi umama (Kaze wayaph umama)
Uyelele uyelele
Wangshiy'umama (Wooh umama)
Lashon ilanga lashon ilanga
Wemhlab'awnoni (Awnoni mhlaba)
Uyelele uyelele
Wemhlab'awnoni (Kodwa awnon'mhlaba)
Lashon ilanga lashon ilanga

Ang'Mazi Umama (Kaze wayaph umama?)
Uyelele uyelele
Wangshiy'Umama (Wooh umama)
Lashon ilanga lashon ilanga
Wemhlab'awnoni (Awnoni mhlaba)
Uyelele uyelele
Wemhlab'awnoni (Kodwa awnon'mhlaba)
Lashon ilanga lashon ilanga

Canzoni più popolari di Big Zulu

Altri artisti di African hip hop