100 Bars

Big Zulu

Aye ng'jwayel' inkabi ayizondi
Idla nazo kodwa ziyay'hlaba
Isikhathi samashinga unogwaja odla nezinja aye (Hlanzwa ney'nsizwa)

Ngeke siyiqale kwa A ngoba asiyiyelanga eskoleni
Lento sayincela ebeleni amakhosi ayibiza esigedlweni
Siyicela emakhoneni ney’nkunzi zisematholeni
Niphuph’ inkabi ingakafiki ukuphapha k’phelele embhedeni
Sekufik’ ushuni wenkabi uzozwa k’thiwa zimbi indaba
Is’khumba esehlula abashuki inkabi endiza nenkonjana

Asimuphushanga uwele ngathi ubejaiv’ ididibala
Ezam zinok’ dlala nenduku ngathi oMelusi begigaba
Isigwebo sentambo inkabi ayisoze ibakhululile
Bathele intelezi emnyama zami asoze baphunyule
Aw shwele inkab’ ayzondi u100 bars sibakhulule
Sebedinga uRamaphosa ukuze neskill skhuphuke

Wawuthi kuyoba njani k’thiwa eyamadoda ayipheli
Sakhula kanjani mina ezami inkabi ayincengi
Awuzwe inkabi rap ushuni wenkabi
Lezi azindab i16 shooter ligcwal’ isifuba ngathi ama chain noLil’ Wayne

Ngasusa amagqubu nginivusele yimpi yegodi
U+100 bars ushuni wenkabi suka bangizela ngodoti
Baba baxolele inkabi iphinde yenza ingozi man
They looking up to me ngoba sengigcwele kuma billboard
Sjava kajama indlalifa siyabonga ngebeat
Umzansi usukwelinye izinga sinama stars like zcc
Sikhuphul volume we killing sway like stogie t
Senginok’dlala eatm noma amabank empty

Idla nazo ziyayhlaba, ilwa nazo ziyayicaba
Bafun’ ithathe umhlalaphansi kodwa akekho ongaykhathaza
Kwadabb iyak’shaya kwatrap iyakuxwaya
You’re not a pro, you’re just a kid awuna reason awukhule chana

Suka kude nalo shuni kusasho isgubhu inkalakatha
Sithi clever ungagive up kusho inamba inumber number
Khohlwa wawngekho lapho buz uSbo noMC Tshatha
Masikutshela ukuthi you wack waphika usangaholi impama

Top 10 MC angifune nokuyingena kodwa ngiyaphakamisa Kwesta unumber one uyak fanela
Kodwa ngizovele ngithule abanye ibhande liyabaxega
Ofather christmas bayashoda nayi ipresent ninga wrapper

Kubuhlungu uk’bona lokhu ngoba ne rap aysafani
Lafa elihle kakhulu k’gcwele oMigos noIfani
Bengizolahlela itowel manje uSpeedy akasaliphathi
Baba Pro bonis’ indlela balahlekelwe isignal
Nkabi nenkabikazi ake nibambe lo 100 bars
Ngiyazi kade niwulindile amashinga esalind’ iyinkabi
Bangizela nge beef ngiphethe inkomo ingabaxaki
Indoda isengadliwa ek’seni hlehla mfana uthola ibreakfast

Wasuke wayidala k’qala bamkhuza waqala ukuphapha
Iyababa le beef wayi taste umfana uyondlula k’phakwa
Nesiphuma kwafela ubala
Lo shuni osugcwele ulaka
Iskill sabo siya dropper ngathi ipanty lehliswa abafana
Ngiqale ngokushis’ impepho
Ngithi uk’khuluma nedlozi wafa kudala ezibiza ngenja manje ng’gedela noBobby

Ungizela ngodoti amashinga ayawugubh’ umgdodi
Izinto segala ukuba rough I’m ambitious, I'm so sorry
Ake ume dj usufuna k’nggonqoz umshini uza nomqondo wemarikana kimi igold digger alitholi ipiki
Inkab zami ziya beefer uchith ekseni njenge skigi
Waduma ngengom’ eyodwa ngathi imoto yama icecream (Moto yama ice cream)

Mamela dj, mina ngisengashintsha isimo sengaphambana nempama
Uza ngobuso kucim’ umlilo
Wazini, ngo shun wenkabi thula ng’sengasus’ umsindo
Ngazi isiyaya amaquantum ngazongtshela ngechinji
Kube beninodwa benizoliwina le award
Manje xa lutho abanithandi bheka banighathe nenkabi
Nazini ngo shun wenkabi hayibo nibhekane nezazi
Ungamthint umuntu umsaba uqhathe unyaupe namanzi
Bafana ngyanitshela mina le nduku ngaythela bakqhatha nenkabi
Uvume uyisphukuphuku ngempela
Lo shuni ngawfela wadabb umfana ngyamgqema
Ngeke ulunge on my shoes ngakhula ngigqoka inggabulela

Siyabonga ukuthi nisivulele indlela
I hip hop ikweny’ ilevel ngaphandle kwenu ngabe k’yabheda
I hip hop igopha umlando we filling up shout out to Cassper
Sakhula ngephathaphatha kodwa namhlanje siya dabber
Ayolala amaghawe rest in peace baba Pro
Sohlala sik’khumbula double HHP ezi hardcore
Shwele nigga Flabba boMandoza eze kwaito
Sengaphambana ne punch kushun wenkabi oza ne flow
Abangisela okuhle inkabi bayibambe ngophondo
Kazi iyozala nkomoni amehlo nanka akake umbombo
Ngikhonya k’ililika indonga sengthwele elensimbi ijoka
You’re too sweet ukuba nenkabi hlehla uzongifakela inyongo
Bhasobh’ ushun'wenkabi umfana uyodlala nowabo
Ngibiza ingoma cupha mfana inkinga iyoqala ngonyawo

Zulu uyasabeka Inkabi rap iyopha umlando kodwa ningangizeli ngezinja leyo mpi isuka nethambo
Baba thixo somandla usungaqala nje ungvikele
Ngokuba ibrentwood ambassador umakhelwane usengjikele
Ngapha nginominethiwe kungenzeka nje ngiwinile
Bese ngithi ngiyobulala ngaqhathwa nomuntu ofele

Bafana ningamhluphi masisukile ningamkhuzi
Ningalusa amadada nisese kude ukubambinkunzi
Bafana ningamjudi kwafika ubuthongo ningamvusi
Angigulaguli anginamkhuhlane ngisese kude ukuphuz’ umuthi

Hayi hayi hayi hayi bafana hayi bafana hayi
Ya bengithi ake ng’gingike nje uyabo ngiyi dilivele u 100 bars
Angilwi namuntu ngyazi inkabi neynkabikazi kade ziwulindile uyayibona lento leyo
So ngithi angiyilivele u 100 bars angixabani namuntu, angiwi namuntu
Ushun wenkabi shwele

Canzoni più popolari di Big Zulu

Altri artisti di African hip hop